UMose wayesekuthatha ezandleni zabo , wakushisa e -altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi , umnikelo womlilo kuJehova.
U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose , wagijima phakathi kwebandla ; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu ; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.