UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.
Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa , lisekhona idili labo ; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.
USamuweli wayesemtshela konke , akamfihlelanga lutho . Wathi: NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.