"wayesephendula"
25 occurrences in ZUL
Wayesephendula u -Eli ethi : Hamba ngokuthula ; uNkulunkulu wakwa - Israyeli makakunike okucelileyo kuye.
Wayesephendula u -Eliya, wathi kubo : Uma ngingumuntu kaNkulunkulu , makwehle umlilo ez ulwini, ukuqede wena namashumi ayisihlanu akho . Wehla-ke umlilo kaNkulunkulu ezulwini , wayiqeda yona namashumi ayisihlanu ayo.
Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini , mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,
Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi : Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho ; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.
Wayesephendula u-Amose, wathi ku -Amasiya: Angisiye umprofethi mina , nendodana yompr ofethi angisiyo , kepha ngangingumalusi , ngangitshala imithombe.
UJesu wayesephendula , ethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela , kodwa noma nithi kule ntaba: Nqukuleka, uphonseke elwandle, kuyakwenzeka;
Wayesephendula umbusi , wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba.
Wayesephendula, ethi kubo : Bapheni nina ukudla . Bathi kuye : Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu abangamakhulu amabili , sibaphe badle na?