"wayesephuma"
17 occurrences in ZUL
Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe , wathi: Sukani niphume kule ndawo , ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi . Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade . Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko , emhlophe njengeqhwa.
Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.
Wathi uJehova kuSathane : Bheka, konke anakho kusesandleni sakho ; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho . Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.
Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.
UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.
UJesu wayesephuma kanye nabafundi bakhe , waya emizini yaseKesariya Filipi. Besendleleni, wababuza abafundi bakhe , wathi kubo : Abantu bathi ngingubani na?