Skip to Content

"wayesesondela"

10 occurrences in ZUL

UJuda wayesesondela kuye, ethi: O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami , ungavuthi ulaka ngenceku yakho , ngokuba ungangoFaro wena.

U-Aroni wayesesondela e -altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.

USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni , wathi: Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.

Wathatha induku yakhe ngesandla , wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni , wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso , eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.

Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: Usho kanje uJehova , uthi: Ngokuba ama -Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba , kasiye unkulunkulu wezigodi , ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaph i ukuba akhulume kuwe na?

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?

Kwathi lapho inkosi ibona u -Esteri inkosikazi emi egcekeni , wafumana umusa emehlweni ayo ; inkosi yamelulela u -Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo ; wakhuluma wathi : Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego , nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke , phumani nize lapha . Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.

Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami ; kepha wathi kimi : Qonda, ndodana yomuntu , ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.