Skip to Content

"wayesethuma"

25 occurrences in ZUL

Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba.

UFaro wayesethuma wambiza uJosefa ; bashesha bamkhipha emgodini ; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.

UJoshuwa wayesethuma izithunywa , zagijimela etendeni ; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.

UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa -Efrayimi, wathi: Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani. Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.

U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama -Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu.

UJehova wayesethuma oJerubali , noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.

UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi , wathi kubo: Manibusiswe nguJehova , ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.

U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: Ngelikabani izwe na ? ethi futhi : Yenza isivumelwano nami ; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.

UDavide wayesethuma izithunywa ku -Ishi Bosheti indodana kaSawule , ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.

UDavide wathi : Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi , njengalokho uyise angenzela umusa . UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise . Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.

UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;

UJehova wayesethuma uNathani kuDavide . Wafika kuye , wathi kuye : Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.

UJehova wayesethuma isifo phezu kuka -Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo ; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.

Inkosi uSolo moni yatshelwa ukuthi : UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.

UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta ayikhulu namashumi amabili egolide. Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe

U-Izebeli wayesethuma isithunywa ku -Eliya ngokuthi : Mabenze njalo kimi onkulunkulu, benezele futhi , uma ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo ngalesi sikhathi kusasa.

Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.

Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo , wathi: Isho kanje inkosi , ithi: Kusahleziwe kahle na ? Wathi uJehu: Unandabani nokuhlala kahle na ? Buyela emva kwami.

UDavide wathi : Ngiyakumenzela umusa uHanuni , indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa . UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise . Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.

UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.

USanibalati wayesethuma inceku yakhe kimi kanjalo ngokwesihlanu , iphethe incwadi evulekileyo esandleni sayo.

Kepha uHamani wazibamba , waya ekhaya ; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.

Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.

Wayesethuma ababili kubafundi bakhe , wathi kubo: Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni.