U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:
U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe , wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na ? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?
Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini , wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.
Yathi: Qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova . UJoshuwa wayesewa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi kuyo: Ithini inkosi yami encekwini yayo na?
Wayesewa ngobuso bakhe , wakhothamela emhlabathini , wathi kuye : Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake , lokhu ngingowezizwe, na?
Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe , wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile , zamkhiphela phandle , zammbela ngasendodeni yakhe.