Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti , wathatha inkemba yakhe , wayihosha emgodleni wayo , wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, abaleka.
USimoni Petru enenkemba wayihosha , wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.