UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.
Lapho u -Abigayili embona uDavide , washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.
UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe , wehlika enqoleni ukumhlangabeza , wathi: Nisahlezi kahle na?