Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaKohati siyakuba ngu -Elisafani indodana ka-Uziyeli.
Isikhulu sendlu kayise wemindeni yamaMerari sasinguSuriyeli indodana ka- Abihayili; bayakumisa eceleni kwetabernakele ngasenyakatho.
Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:
Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni e tendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika -Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Ngaleso sikhathi , usho uJehova , ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israyeli, yona ibe ngabantu bami.