Skip to Content

"wempi"

7 occurrences in ZUL

UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: Kukhona umsindo wempi ekamu.

UDavide wayesethi kumFilisti : Wena uza kimi nenkemba , nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti , uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.

INkosi ibiyizwisile impi yama -Aramu umsindo wezinqola , nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.

Zibilini zami , zibilini zami , nginobuhlungu enhliziyweni yami ; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami , anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.

Misani i bhanela ezweni , nibethe amacilongo phakathi kwezizwe , ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo , nilibizele imibuso yase -Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi , nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.

Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla , nomsindo wesidu mo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.

Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi , kuyena isikhonkwane , kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.