Skip to Content

"wenceku"

7 occurrences in ZUL

Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo , Jehova Nkulunkulu wami , uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla

Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo , Jehova Nkulunkulu wami , uzwe ukukhala nokukhuleka , inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla,

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho , uhlahlamelise inceku yakho namuhla , uyinike umusa emehlweni alo muntu . Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.

Thokozisa umphefumulo wenceku yakho , ngokuba kuwena , Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.

Ngiyembathisa amazulu ubumnyama , ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo. Umsebenzi Wenceku

Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu k wendlu yakho engcwele, echithakele ngenxa yeNkosi.