Skip to Content

"wentombi"

9 occurrences in ZUL

uyise wentombi athi kumalunga : Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;

amhlawulise ngamashekeli esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi , ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa -Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.

indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.

Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.

Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu , wasuka ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe : Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.

Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.

Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi : Ake uhlumelele inhliziyo yakho , nihlale lize lithambame ilanga. Badla-ke bobabili.

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.