Skip to Content

"wenyuka"

29 occurrences in ZUL

Umhlaba wawuyihlane elingenalutho ; kwakungubumnyama phezu kotwa , kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye , wenyuka emshiya u - Abrahama. Ukusokwa kwabantu baka-Abrahama

UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni laph o ebekhulume naye khona.

Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.

Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa -Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka , base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.

Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani ; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho , wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

Wenyuka lapho , waya ePhenuweli , wakhuluma kubo ngokunjalo ; abantu basePhenuweli bamphendula njengabantu baseSukoti bebephendulile.

UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.

Lowo muntu u-Elkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe.

Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu , ne-efa lempuphu , nemvaba yewayini , wakuyisa endlini kaJehova eShilo ; umntwana wayesemncane.

Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye , ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u- Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.

UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo , enyuka ekhala , egubuzele ikhanda , engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela , kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.

UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaJehova.

UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa.

UBeni Hadadi inkosi yase -Aramu wabutha yonke impi yakhe ; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili , namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

Wenyuka lapho , waya eBethele ; esenyuka endlelni , kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye : Yenyuka wena mpandlandini ! Yenyuka wena mpandlandini!

Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi , inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.

Khona uHazayeli inkosi yase -Aramu wenyuka walwa neGati , walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema.

UMenahemu, indodana kaGadi , wenyuka eTirisa , wafika eSamariya , wagenca uShalumi , indodana kaJabeshi , eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

Kwathi ngomnyaka wesine wenkos i uHezekiya owawungumnyaka wesikhombisa kaHosheya indodana ka -Ela, inkosi yakwa -Israyeli, uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wenyuka walivimbezela iSamariya.

Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya , uSaneheribi inkosi yase - Asiriya wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha.

UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova.

Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.

Kwathi ngomnyaka weshumi nane wenko si uHezekiya, uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda , wayithatha.

UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.

Sebenyukele emkhosini abafowabo , naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese.

Kepha lokhu ukuthi wenyuka , kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

Bathi ngokwesibili : Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.