"wesango"
12 occurrences in ZUL
nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele nangase-altare nxazonke , nezintambo zakho , nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.
Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.
Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula am abili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.
Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka -Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya , umlindi weSango langaseMpumalanga.
Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga , wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye.
Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye , nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo k wakuyizingalo eziyisihlanu ; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawu luhlanga lunye.
Wayeselinganisa umpheme wesango : yizingalo eziyisishiyagalombili ; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
Kepha isikhulu , siyisikhulu, siyakuhlala kulo , sidle phambi kukaJehova ; siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume ngendlela yawo futhi.