"wesifazane"
21 occurrences in ZUL
kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.
Khuluma manje ezin dlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe , yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.
uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho , lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.
amkhese ngezinto eziyihlazo , amenzele igama elibi , athi: Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye , angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,
Uyise wehla , waya kulowo wesifazane , uSamsoni wenza idili khona , ngokuba zazenze njalo izinsizwa.
Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi : Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa -Israyeli, ucebe e -Efratha, ube nodumo eBetlehema;
U-Eli wabusisa u -Elkana nomkakhe , wathi: UJehova makakunike inzalo ngalo wesifazane ngenxa yalokho uJehova atshelekwa khona . Base bebuyela ekhaya.
U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.
UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane . Omunye wathi : Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?
Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.
Omunye owesifazane wathi : E nkosi , mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini.
Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile , lo wesifazane wabeletha naye ; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini , kuyithina sobabili kuphela.
Yayisithi inkosi kuye : Unani na? Wathi: Lo wesifazane wathi kimi : Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.
Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane , yaklebhula iz ingubo zayo isadlula phezu kogange ; abantu babuka , bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.
Wasuka lowo wesifazane , wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu ; wahamba nabendlu yakhe , wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.
Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe.
Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.