"wesinkwa"
13 occurrences in ZUL
Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe ; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.
Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,
Umkhosi wesinkwa esingenamvubelo wowugcina . Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba ngenyanga ka -Abibi waphuma eGibithe.
Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kungumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuJehova ; niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa ba kho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha : ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo , nangomkhosi wamasonto , nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
njengokudingekayo imihla ngemihla , enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo , kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.
Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.
Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.
Abantwana bakwa -Israyeli ababekhona balenza iphasika ngaleso sikha thi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.