Skip to Content

"wesivumelwano"

47 occurrences in ZUL

Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke. Umphongolo wesivumelwano

Yonke iminikelo yakho yempuphu iyoliswe ngosawoti ; ungavumeli ukuba usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho asilale emnikelweni wakho wempuphu; wonikela ngayo yonke iminikelo yakho inosawoti.

Basuka entabeni kaJehova , bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.

Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqo ngweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.

UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa- Israyeli.

uMose wawayala amaLevi ay ethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:

Thathani le ncwadi yomthetho , niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu , ibe khona , ibe ngufakazi , imelane nani.

Zayala abantu, zathi: Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala , niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.

UJoshuwa wakhuluma kubapristi , wathi: Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu . Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.

Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano , uthi: Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.

Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.

Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani , abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu,

Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqi na emhlabathini owomileyo nga phakathi neJordani , abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

anothi kubo : Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka ; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.

Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.

Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani , amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo , amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo , aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi , wathi kubo : Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa bathwale amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo kaJehova.

Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu , abapristi abay isikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi kukaJehova badlula , babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.

Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

Abantwana bakwa -Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;

Kwathi abantu bengena ekamu , amalunga akwa -Israyeli athi : UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na ? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo , siwulethe kithi , ufike phakathi kwethu , usisindise esandleni sezitha zethu.

Abantu base bethumela eShilo , bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi ; amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi , ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJeh ova ufika ekamu , wonke u - Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.

Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye , ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u- Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.

USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJer usalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova , wanikela ngeminikelo yokushiswa , wanikela ngeminikelo yokuthula , wazenzela izinceku zakhe zonke idili. Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni

Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.

Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli nezinhloko zezizwe , izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli enko sini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu , indawo engcwelengcwele , phansi kwamaphiko amakherubi.

UDavide namalunga akwa -Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sika Jehova endlini ka -Obede Edomi ngokuthokoza;

kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa.

Wonke u -Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo , nangamacilongo, nangamasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.

Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.

noBenaya noJahaziyeli abapristi, benamacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu. Ihubo likaDavide

Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJ ehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,

Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe , uDavide wathi kuNathani umprofethi: Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari , kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.

Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu ; sukani nakhe indlu en gcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.

UDavide inkosi wayesema ngezinyawo , wathi: Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu : mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesena belo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.

nange-altare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo , nesifanekiso senqola, namakherubi egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova.

Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

Abapristi ba wungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu , indawo engcwelengcwele , phansi kwamaphiko amakherubi.

Bese nithi -ke: Ngani na ? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena , noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.

kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala

eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke , okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana , nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;

kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe

Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha , kuze kuth i ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha , nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.

Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini , kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe ; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba , nesichotho esikhulu.