Kepha uJehova wayenaye uJosefa , wamupha umusa , wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.
Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe , ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.