Skip to Content

"wezandla"

30 occurrences in ZUL

Lapho niyakukhonza onkulunkulu , umsebenzi wezandla zabantu , imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.

Izinsuku eziyisikh ombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.

Nxa uvuna isivuno sakho ensimini , ukhohliwe isithungu ensimini yakho , ungabuyeli ukusilanda , kepha asibe ngesomfokaz i, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho.

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula. O-Ela noZimri no-Omri no-Ahabi bangamakhosi kwa-Israyeli

alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela , umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

ngokuba bangishiyile , bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo ; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.

Ungavumeli umlomo wakho uku ba wonise inyama yakho , futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha ; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho , achithe umsebenzi wezandla zakho , na?

Zinhle kangakanani izinyawo zakh o ezicathulweni zazo , wena ndodakazi yesikhulu! Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso, umsebenzi wezandla zengcweti.

igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva , yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?

Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengangawonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.

Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na ? Impahla yakhe yandile emhlabeni.

Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele , ulahle umsebenzi wezandla zakho , ukhanye phezu kwamasu ababi, na?

Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,

ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni. Sela

Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova , nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu , umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu ; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.

Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho ; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.

Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

Abayikubheka ama -altare abo , umsebenzi wezandla zabo , bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-altare empepho.

uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.

Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe , umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe , bayakungcwelisa igama lami , yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe, bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.

alahlile onkulunkulu bawo emlilweni , ngokuba babengesibo onkulunkulu , babe ngumsebenzi wezandla zomuntu ku phela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.

Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi: Ningibuza ngezinto ezizayo , ngabantwana bami , ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke , badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami , umsebenzi wezandla zami , ukuba ngidunyiswe.

Abayikwakha, kuhlale omunye ; abayikutshala, kudle omunye , ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi , nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.

nokuthi: Wena Nkosi , ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba ; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.