Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunku lu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,
nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo , nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.