Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo.
oshiya umngane wobusha bakhe , akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,
Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.
Ngokuba uJehova ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona omalayo na? usho uNkulunkulu wakho.
Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho , nothando lwakho , usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.
Awusand ukukhala kimi ukuthi : Baba, wena ungumngane wobusha bami , na?
Bese nithi -ke: Ngani na ? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena , noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.
AkusiMunye osenzileyo , okusele kuye umoya wethu na ? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu . Ngalokho qaphelani umoya wenu uk uba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.