Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;
Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga . Yalivula. Wayesethi u -Elisha: Cibishela. Yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa , umcibisholo wokusindiswa kuma -Aramu, ngokuba uyakubulala ama -Aramu e-Afeki, uwaqede.
Ngokukholwa uNowa exwayisiwe nge zinto ebezingakabonwa , esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe , okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.