Womnika nokumnika , inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika , ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.
Uyakumthwesa nokumthwesa ngezimvu zakho , nangokwesibuya sakho , nangokwesikhamo sakho sewayini; njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile, kanjalo womnika yena.