Skip to Content

"wozani"

39 occurrences in ZUL

Base bethi omunye komunye : Wozani, ake senze izitini , sizishisise. Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.

Bathi: Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini , sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.

Wozani sehle , siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani , kube yilowo nalowo ulimi lomunye.

Ngalokho wozani , siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi , bese sithi : Isilwane esibi siyidlile, sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo.

Wozani sithengise ngaye kwabakwa -Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu. Abafowabo bamlalela.

Wozani-ke, sithethe indaba , usho uJehova ; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa ; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.

Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku -Aroni nakuMiriyamu, wathi: Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana. Baphuma bobathathu.

Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe;

Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi : U ma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu , wozani niphephele emthunzini wami ; uma kungenjalo , makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari yaseLebanoni.

USamuweli wayesethi kubantu: Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.

Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.

Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

Kepha ngase ngithi kubo : Niyayibona inhlupheko esikuyona , lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo ; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.

Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni.

Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu ; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu ; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

Bathi: Wozani sibaqothule , bangabe besaba yisizwe , negama lika -Israyeli lingabe lisakhunjulwa.

Wozani simhubele uJehova , sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.

Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova , uMenzi wethu.

Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.

Wozani, bantu bami , ningene emakamelweni enu , nizivalele iminyango , nicashe ngokuphazima kweso, kuze kudlule ulaka.

Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini.

We nina nonke enomileyo , wozani emanzini ; nani eningenamal i wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali , yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.

Wozani, ngiyakuletha iwayini , sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla ; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.

Base bethi : Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.

Udumo lukaMowabi alusekho ; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi : Wozani simnqume , angabe esaba yisizwe . Nawe Madimeni uyakuthuliswa , inkemba ikulandele.

Bayakubuza indlela yaseSiyoni , ubuso babo bubhekene nalo , bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

UJehova uvezile imfanelo yethu ; wozani silande eSiyoni umsebenz i kaJehova uNkulunkulu wethu.

Wozani eBethele , niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo , nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe : Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu . Base benza inkatho ; inkatho yamudla uJona.

Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

Kepha kwathi abalimi bebona indodana , bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.

Waphinda wathuma ezinye izinceku , wathi: S honini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami ; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.

Kepha labo balimi bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa ; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.

Wathi kubo: Wozani nibone. Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona ; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo ; kungebe nguye uKristu na?

UJesu wathi kubo : Wozani nidle . Kepha akwabakho kubafundi o waba nesibindi sokumbuza ngokuthi: Ungubani wena na? Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu , ithi: Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu