Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho, wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho ; ngikulahlele phansi , ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba uphakeme ngobude, wabeka isihloko sawo phakathi kwamafu , nenhliziyo yakhukhumala ngokuphakama kwawo,