Base bemuka labo bantu abayisihlanu , bafika eLayishi , babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendl ela yamaSidoni , benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.
Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu , indodana kaNebati , wathatha u -Izebeli, indodakazi ka -Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.