Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba ; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.
Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukuk hohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme , othi enhliziyweni yakho : Ngubani ongangehlisela phansi na?