Inkosi yathuma yambiza uShimeyi , yathi kuye: Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.
Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi , yathi kuye : Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.