Skip to Content

"yasegerizimu"

4 occurrences in ZUL

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.

Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini;

Bonke abakwa -Israyeli namalunga abo , nezinduna zabo , nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongo lo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova , abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu , inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile , ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.

Lapho kubikwa lokho kuJothamu , waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe , wamemeza, wathi kubo: Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.