Kwase kwen yuka abaseZifi , baya kuSawule eGibeya , bathi: UDavide akacashi yini kithi ezinqabeni zaseHoreshi entabeni yaseHakhila elingaseningizimu kwasehlane na?
AbaseZifi beza kuSawule eGibeya , bathi: UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?
USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.