Skip to Content

"yaseningizimu"

13 occurrences in ZUL

Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu.

Imizi yaseningizimu ivaliwe , akakho ovulayo ; wonke uJuda uthunjiwe , uthunjiwe ngokupheleleyo.

Amasimu ayakuthengwa ngemali , kulotshwe encwadini , kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.

Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema , nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo , usho uJehova.

Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla , kanjalo esinye sezikhulu zayo , yebo, sibe namandla kunayo , sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.

Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana , kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano ; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo , kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.

Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.

Inkosi yaseningizimu iyakubaba , iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho ; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.

Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu , nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.

Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo ; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngez inqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.

Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa -Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefat i nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni ; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye namadoda alesi sizukulwane , iwalahle; ngokuba yavela emikhawulw eni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.