"yasesinayi"
21 occurrences in ZUL
babe sebelungile ngosuku lwesithathu ; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.
Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.
UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.
UMose wathi kuJehova : Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi , ngokuba usiyalisisile, wathi: Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.
Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi , ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.
Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.
Mawube usulungele kusasa , ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni , ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.
Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala ; uMose wavuka ekuseni kakhulu , wakhuphukela entabeni yaseSinayi , njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.
Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi , izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni , uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.
Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.
uJehova amyala ngawo uMose entabeni yaseSinayi mhla eyala abakwa - Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yabo kuJehova ehlane laseSinayi.
Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakat hi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.
Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni nezikaMose ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
Kungumnikelo oshiswa imihla yonke , owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
Wehlela entabeni yaseSinayi , wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane , kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.
Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba , nowamukela amazwi okuphila , ukuze aninike wona.