Yakhipha u-Ashera endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni , yamcolisisa waba yincushuncushu , yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.
Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.