Skip to Content

"yayisibetha"

7 occurrences in ZUL

Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni ; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka , nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

Ingelosi yesibili yayisibetha ; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo , yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,

Ingelosi yesithathu yayisibetha ; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani , yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

Ingelosi yesine yayisibetha ; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga , nokwesithathu kwezinkany ezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe , nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo , nobusuku ngokunjalo.

Ingelosi yesihlanu yayisibetha ; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini , iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.

Ingelosi yesithupha yayisibetha ; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,

Ingelosi yesikhombisa yayisibetha ; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi : Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo ; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.