UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwan ika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase -Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.
UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla , nabaholi, nezinduna ekamu lenkosi yase -Asiriya. Yayisibuyela ez weni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo , ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.