Enkulu yazala indodana , yaqamba igama layo ngokuthi uM owabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.
Encane yazala indodana nayo , yaqamba igama layo ngokuthi uBenami ; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.
Imihlambi yamitha phambi kwezin ti, imihlambi yazala ezinemishwe , nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri.
Yabuye yakhulelwa, yazala indodana , yaqamba igama layo ngokuthi u - Onani.
Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela ; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.