Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi , ingene endlini yedili lewayini , uHamani wayesewele embhedeni u -Esteri ayekuwo . Yayisithi inkosi : Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na ? Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.
Kungcono ukuya endlini yokulil a kunokuya endlini yedili , ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.
Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.
Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.