Wayeselinganisa ubude be sakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha : yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,
Wenza igceke labapristi , negceke elikhulu , neminyango yegceke , wazinameka izivalo zayo ngethusi.
Wenza nezinsika : yizingalo ezingamashumi ayisithupha , isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.