Skip to Content

"yehla"

20 occurrences in ZUL

Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

Sheshani nikhuphuke , niye kubaba , nithi kuye : U the uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe ; yehla, uze kimi , ungalibali.

UJehova wayesethi kuMose: Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.

Kwathi uMose engena etendeni , insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu;

Usuhlalile izinsuku ezintathu ; yehla masinyane , uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.

Ngalokho yehla , nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla , thina simkhaphele esandleni senkosi.

UDavide wayesethi ku -Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi , kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.

Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: Yehla.

Ingelosi kaJehova yathi ku -Eliya: Yehla naye, ungamesabi. Wasuka wehla naye, waya enkosini.

Yehla ebukhosini bakho , uhlale womile , ndodakazi, ohlala eDiboni , ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.

Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.

nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe , abethe icilongo , axwayise abantu,

okuzwayo ukukhala kwecilongo angaxwayi kodwa , bese yehla inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.

Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla , angabethi icilongo , abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo , uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.

Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu , ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.

Induna yenkosi yathi kuye: Nkosi, yehla engakafi umntanami.

Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu , nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo , nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.

Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo.