Wothabatha inqama ibe nye ; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.
U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
Waletha nenye inqama , inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.