Skip to Content

"yenzani"

23 occurrences in ZUL

Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu : Yenzani lokhu , niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.

Uyise u -Israyeli waye sethi kubo : Uma kunjalo, yenzani lokhu ; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu eliyingcosana , nezinyosi eziyingcosana , namakha, nemure, namapisitakiyo, nama-alimondi,

UFaro wayesethi kuJos efa: Yisho kubafowenu ukuthi : Yenzani lokhu : thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,

Usuyaliwe: Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

Ngathi ngokuhleka: Ngubuhlanya, nangentokozo: Yenzani na?

Yenzani lokhu: zithabatheleni imicengezi yomlilo , wena Kora neviyo lakho lonke,

nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye ; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

USawule wathi : Yenzani inkatho phakathi kwami noJonathani indodana yami. Wadliwa uJonathani.

Ningamlaleli uHezekiya , ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje , ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwan eni wakhe , niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

Ningamlaleli uHezekiya , ngokuba inkosi yase -Asiriya isho kanje , ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe , niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,

Sitsheleni okuzayo ngesikhathi esizayo, sazi ukuthi ningonkulunkulu; yebo, yenzani okuhle noma okubi, simangale, sikubone kanyekanye.

O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , funa uku futheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimay o ngenxa yobubi bezenzo zenu.

Usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , ningoni, ningadluzuli abafokazi , nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.

Kepha mina, bhekani, ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu.

Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.

Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.

Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina , ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.

Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.

Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele , njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.

Nani makhosi , yenzani okunjalo kuzo , niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye. Izikhali zamaKristu

Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi,