Skip to Content

"yephasika"

3 occurrences in ZUL

UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.

Izikhulu zakhe zabanika abantu , nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle . OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwa ne ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi , bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihl anu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu , kube ngokweminikelo yephasika.