Skip to Content

"yesandla"

8 occurrences in ZUL

UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe , nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.

UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho , nasenzalweni yezinkomo zakho , nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,

Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe , wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe , walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo , wahlanganisa uthuli esilinganisweni , walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?

Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo , angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

Yayisithunywa le nxenye yesandla ivela kuye, walotshwa lo mbhalo.

Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu , yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi ; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.

Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo , uphuze nawe , wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.