Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?
Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke , ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.
Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe la pho ondliwa khona isikhathi , nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.