"yezandla"
24 occurrences in ZUL
Waqamba igama layo ngokuthi uNowa , ethi: Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.
Amadodana anqabileyo aseSiyoni , elingene negolide elihle , yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!
Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona , niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova , nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.
Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.
ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo ; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.
I-Asiriya aliyikusisindisa , asisayikukhwela amahhashi , singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu , ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.
Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze , nikhuleke kubo , ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.
Kepha aningi lalelanga, usho uJehova , naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.
Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.
Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa- Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.
ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe , lapho niyile khona ukugogobala , ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba , na?
Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziwey o nezinsika zakho phakathi kwakho, ungabe usakhonza imisebenzi yezandla zakho.
Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe , naphezu kwezintaba , naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha , naphezu kwamafutha , naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.
Wayesethatha uHagayi , wathi: Banjalo laba bantu , sinjalo lesi sizw e ngaphambi kwami , usho uJehova ; injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.
Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi, usho uJehova.