Skip to Content

"yezine"

8 occurrences in ZUL

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku , yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

Usho kanje uJehova, uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe , wagcina ulaka lwakhe , wayilondoloza intukuthelo yakhe.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthe tho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe , namanga abo abadukisile , abawalandelayo nawoyise.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa -Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.