Skip to Content

"yezingelosi"

5 occurrences in ZUL

Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.

Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele , na? nokuthi: Ngiyakuba nguYise kuyona , yona ibe yiNdodana kimina, na?

Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi : Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho, na?

Kwase kuza enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikutshengise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi,

Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: Woza lapha, ngikukhombise umlobokazi, umkaWundlu.