Skip to Content

"yezinsizwa"

6 occurrences in ZUL

Kodwa enye yezinsizwa yamtshela u -Abigayili umkaNabali , yathi: Bheka, uDavide wathuma izithunywa zive la ehlane ukuba zibingelele inkosi yethu , kepha yazithukuthelela.

UDavide waphendula wathi : Bheka, umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande.

UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela, umsukele. Yamshaya waze wafa.

U-Abineri wayesethi kuye : Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe. Kepha u- Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.

Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.

Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova , ngikhathele ukunyamezela. Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini , nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo , ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.