Skip to Content

"yezizwe"

23 occurrences in ZUL

Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

Kwathi emihleni ka -Amrafeli inkosi yaseShineyari , no-Ariyoki inkosi yase - Elasare, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe,

Balwa noKe dorlawomere inkosi yase -Elamu, noTidali inkosi yezizwe , no- Amrafeli inkosi yaseShineyari , no-Ariyoki inkosi yase -Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.

Wathi uSamuweli : Nakuba wawumncane emehlweni akho , awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa -Israyeli na ? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.

Nokho bayakuba yizinceku zakhe ukuba bazi inkonzo yami nenkonzo yemibuso yezizwe. UShishaki usukela iJerusalema

Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba , ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

Ngokuba uthi : Ngamandla esandla sami ngikwenzile , nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe , ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa , imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.

ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo , uze ufinyelele entanyeni, ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubh isa; itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

Khona uyakubona , ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma , yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe , nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo.

Ngokuba usho kanje uJ ehova, uthi: Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni.

Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonk e abahlakaniphileyo bezizw e nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Hlabelelani kuJakobe ngokujabula , nimemezele inhloko yezizwe , nizwakalise, nidumise nithi : Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo , ningahambi ngezimiso zami , ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,

bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe , ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe , ngikunqume kubantu , ngikuchithe emazweni , ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.

Liyakuba yindawo yokweneka amanetha phakathi kolwandle, ngokuba mina ngikukhulumile, isho iNkosi uJehova; liyakuba yimpango yezizwe.

IKushe, noPhuthi, noLude, nayo yonke ingxubevange yezizwe , neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.

ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,

yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;

Wafundisa, wathi kubo: Akulotshiwe yini ukuthi , indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke na? Kepha nina niyenze Umhume wabaphangi.

Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho , Nkosi Nkulunkulu , Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;